Iphupho Lomdansi we-Bhaleyi
Indaba Eliqiniso
Seiten
2017
Jonathan Ball Publishers SA (Verlag)
978-1-86842-826-7 (ISBN)
Jonathan Ball Publishers SA (Verlag)
978-1-86842-826-7 (ISBN)
- Titel nicht im Sortiment
- Artikel merken
"Ngelinye ilanga elinomoya, iphepha likamagazini lapheshulwa ngumoya lehlisa umgwaqo phambi kwesango. Ngelula isandla ngalithatha. Isithombe esihle sowesifazane sasisoqwembeni lomagazini. Wayegqoke ilokwana elifishanyana elibukhwebezane elalivulekile lenza isiyingi esimzungezile. Wayebukeka ejabule kakhulu." Eneminyaka amithathu, uMichaela DePrince wathola isithombe somdansi we-bhaleyi esasizoguqula ukuphila kwakhe unomphelo. Ngaleyonkathi wayehlala endaweni ezintandaneni e-Sierra Leone, kodwa maduzane watholwa umndeni othile wayiswa eMelika. Nakuba ekuqaleni wayengazi ukuthi i-bhaleyi iyini akasikhohlwanga isithombe somdansi we-bhaleyi ake wasibona. Wayefisa ukujabula njengalomdansi. Lapho umama owamtholayo ebona ukuzimisela kwakhe nge-bhaleyi, waqalisa ukumyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Selokhu adansa kusuka lapho kuze kube manje. UMichaela waqokwa njengomdansi osemqoka omncane kunabo bonke ku-Dance Theatre yase-Harlem. Manje udansa ne-Dutch National Ballet, inkampani ephezulu ye-bhaleyi yasemandulo. UMichaela waba ngumlingisi oyinhloko ku-First Position, idokhumentari eyawina umklomelo. Usebonakale kaningi kuthelevishini kuhlanganise i-Dancing with the Stars ne-BBC News.
Ngo-2015, uhlelo lwethelevishini yase-Hollandi lwenza ukuthi uMichaela abonane okokuqala no-Magali Messac, umdansi we-bhaleyi owayesesithombeni.
Ngo-2015, uhlelo lwethelevishini yase-Hollandi lwenza ukuthi uMichaela abonane okokuqala no-Magali Messac, umdansi we-bhaleyi owayesesithombeni.
U-Michaela DePrince wazalwa ngo-1995 e-Sierra Leone. Ngemva kokufa kwabazali bakhe, uMichaela wahlala ezintandaneni lapho atholwa khona ngu-Elaine DePrince wamyisa eMelika ngo-1999. Umama wakhe u-Elaine DePrince, abhale naye lencwadi, wamyisa ezifundweni ze-bhaleyi. Namuhla u-Michaela ungumdansi ongumpetha we-bhaleyi ne-Dutch National Ballet. Uye wavela futhi ku-albhamu yevidiyo ka-Beyonce i-Lemonade.
| Erscheinungsdatum | 02.06.2017 |
|---|---|
| Verlagsort | Johannesburg |
| Sprache | Zulu |
| Maße | 138 x 180 mm |
| Gewicht | 500 g |
| Themenwelt | Kinder- / Jugendbuch ► Sachbücher ► Kunst / Musik |
| ISBN-10 | 1-86842-826-5 / 1868428265 |
| ISBN-13 | 978-1-86842-826-7 / 9781868428267 |
| Zustand | Neuware |
| Informationen gemäß Produktsicherheitsverordnung (GPSR) | |
| Haben Sie eine Frage zum Produkt? |
Mehr entdecken
aus dem Bereich
aus dem Bereich
Ein Sachbilderbuch für Kinder ab 5 Jahren: Neuausgabe des Klassikers!
Buch | Hardcover (2025)
Prestel (Verlag)
CHF 29,90
Supereinfach zeichnen nach Bildern – Mit …
Buch | Hardcover (2023)
Edition Michael Fischer / EMF Verlag
CHF 15,90